Hamba kuphevumente. Uma ngabe ingekho iphevumente, sebenzisa inxenye yangakwesokudla yomgwaqo kude nomgwaqo.
Uma uhamba emgwaqeni , qinisekisa ukuthi uhamba enxenyeni yesokudla ekude, ngamanye amagama, ubhekane nezimoto ezizayo.
Izimoto eziningi zihamba ngesivinini esehlukene emigwaqeni eyehlukene ngakho-ke kuyingozi kankhulu ukuthi izingane zidlale kuphevumente/eceleni komgwaqo. Uma ingane idlala phakathi komgwaqo, umshayeli ozayo ngeke akwazi ukumbalekela noma eme ngokushesha. Lokhu kungaholela ekulimaleni noma ukufeni.
Hamba ubhekene nezimoto ophambana nazo njalo ukuze ukwazi ukubona izimoto ezizayo kusasenesikhathi.
Izingane ezingaphansi kweminyaka engu 12 azinalo ikhono lokulinganisa ukuthi kuzothatha isikhathi esingakanani ukuthi imoto ifike kuzona.
Eqa umgwaqo kuphela uma ngabe kuphephile ukwenze njalo. Ungagijimi.
Ungeqi umgwaqo ezindaweni ezifihlekile njengasejikeni nasegqumeni ngoba akulula ukuthi abashayeli bakubone kusasenesikhathi.
Abahamba ngezinyawo abavunyelwe EMIZILENI ENGUTHELAWAYEKA.
Linda ibhasi/itekisi lize lime ngokuphelele ngaphambi kokuba wehle.
Linda ibhasi/itekisi lize lisuke ukuze ukwazi ukubona izimoto ezivela ezinhlangothini zombili zomgwaqo.
Lona lelo bhasi/tekisi owehle kulona lingakushayisa.
Ungashayiswa/ubulawe yimoto edlulayo evela ngalapho kuvele khona itekisi/ibhasi owehle kulona.
Eqa kuphela uma ngabe umuntu oluhlaza ekhanyisile futhi kuphephile ukwenze njalo.
Uma ngabe umuntu oluhlaza eshintsha eba bomvu ngengathi useqa, qhubeka ubheke emuva naphambili ukuze ubone izimoto ezizayo.
Uma ilambhu elibomvu lerobothi lishintsha liba luhlaza, izimoto eziqhamuka ngaphambili neziqhamuka ngasemuva nazo zinelungelo lokuhamba manje. Qinisekisa ukuthi abashayeli bayakubona futhi bamile ngaphambi kokuba weqe.
Indlela/umgwaqo wenzelwe ukusetshenziswa yiwo wonke umuntu; ngakho-ke kubalulekile ukuba weqe ngokushesha ukuze abashayeli bakwazi ukuqhubeka.
Ukweqa umgwaqo kwezinye izindawo ngaphandle kwalezo zindawo ezenzelwe lokhu kuyingozi kanti futhi kungaholela ekulimaleni noma ekufeni.
Abashayeli balindele ukukubona ezindaweni zokweqa ezihleliwe: njengezindawo zokweqa abahamba ngezinyawo ezinamabhuloki, lapho kunezimpawu zokuma khona noma amarobothi, yize kunjalo kufanele uhambe ngokushesha ukwenzela abanye abasebenzisa umgwaqo ukuba baqhubeke. Lokhu, yilokhu okubizwa ngokuthi ukwabelana ukusetshenziswa komgwaqo kanye nokuhlonipha abanye abasebenzisa umgwaqo.
Balekela ukusebenzisa umgwaqo emuva kokuphuza uthswala/izidakamizwa ngoba zithinta ukubona kwakho kanye nokuzimela kwakho, kanti okubaluleke kakhulu, eqa umgwaqo ngokushesha.
Ukuphuza uhambe kuyingozi njengokuphuza ushayele.
Kuyini ukuthwala ngokweqile?
Ukuthwala ngokweqile kungumzamo walowo onebhizinisi lezokuthutha ezisebenzisa umgwaqo, umshayeli noma umgibeli, yokweqa isilinganiso esisemthethweni sokuthwala kwemoto, ngamabomu noma ngephutha.
Ukuthwala ngokweqile kanye namasondo angalungile kuholela ekufeni kanye nasekulimaleni emigwaqeni yethu. Ngale kwalokho, ukuthwala ngokweqile kudala umonakalo obalelwa ezigidini zamarandi emigwaqeni kanye nakulezo zimoto ezithwele ngokweqile.
Imoto ethwele ngokweqile ithatha isikhathi eside ukuma lapho kunesimo esiphuthumayo. Uma ufuna ukujikisa imoto ukuze ubalekele ingozi, isikhathi sokukwenza lokho siba side ngenxa yokuthwala ngokweqile.
Kunzima ukulawula imoto ethwele ngokweqile kanti futhi ungeke wakwazi ukukhuphula isivinini kalula njengoba ubungenza emotweni eyejwayelekile, kwenza ukuthi kube yingozi ukudlula ezinye izimoto.
Amasondo emoto ethwele ngokweqile ayashisa bese aba ntofontofo - lokhu kungadala ukuba amasondo aqhume.
Ukuthwala ngokweqile kudala ukuba imoto yakho isindwe ngasemuva okwenza ukuba ungakwazi ukubona izigodi noma ezinye izinto eziyisiphazamiso endleleni.
Ukuthwala ngokweqile kulimaza ingaphezulu lomgwaqo ngalokho ungakhokhiswa inhlawulo enzima.
Abantu abaningi bahanjiswa ukuya emsebenzini noma ezindaweni ezehlukene behleli ngemuva kwamaloli kanye namaveni avulekile nsukuzonke - behleli phezu kwemithwalo. Abanawo amabhande ezihlalo, abanazo izihlalo ngisho noma ngabe yini okunye. Ngeshwa, lokhu kuchaphazela kakhulu inani eliphezulu lokufa kanye nokulimala kwabantu emigwaqeni yethu.
Umthethosimiso 247 ukhomba ukuthi abantu bangagitshezwa ngemuva kwemoto ethutha izimpahla kuphela nje uma leyo ndawo abeme noma abahleli kuyona ivalwe ngezinto eziqine ngokwanele ukuze bangawi emotweni.
Abashayeli bamabhasi kanye namatekisi angamakhumbi bavamise ukuthwesa izimoto zabo ngokweqile. Kaningi siyaye sizwe ezindabeni "Itekisi noma ibhasi elalithwele ngokweqile lehlelwe yingozi". Kumele kubekwe isaziso ebhasini/etekisini esifakazela inani labagibeli abahleli nabeme ngezinyawo imoto evunyelwe ukuba ibathwale. Umshayeli othutha abantu kanye nezimpahla kumele awuhlolelwe lowomsebenzi abuye afundiswe ukuthi ashayele kanjani. Abashayeli kumele basebenzise lesisaziso ukwenqaba ukuthwesa izimoto zabo ngokweqile.
Uyibona kanjani imoto ethwele ngokweqile?
Ukuhamba kwayo kancane lapho kwenyukela khona.
Yini futhi kungakanani okwazi ukukubona okuthwele emotweni.
Isimo sesisekelo sayo.
Konga isikhathi: Akukho ukubambezeleka, isibonelo, lapho kwehliswa noma kuqinisekiswa imithwalo.
Izinkinga zomshwalense uma ngabe uvelelwa yingozi bese kutholakala ukuthi imoto yayithwele ngokweqile.
Ukugibela ibhayisikili sekungumkhuba omkhulu wokuzilibazisa kanye nendlela yokuhamba eNingizimu Afrika.
Abantu abaningi bathanda indlela yokuphumula elethwa ukugibela ibhayisikili ezimpilweni zabo nsukuzonke.
Kwiningi labantu, ibhayisikili liyindlela eyehlukile kunezimoto yokuhamba yansuku zonke.
Ibhayisikili liyindlela yokuhamba njenganoma iyiphi imoto. Kodwa, ibhayisikili alifani nezinye izinhlobo zezimoto, ibhayisikili lihanjiswa amandla omuntu. Unamalungelo afanayo, ukuziphendulela kanye nomsebenzi ofana nalowo wabanye abashayeli. Khumbula, abagibeli bamabhayisikili abavunyelwe emizileni enguthelawayeka.
Ngaphambi kokuba uhambe ngebhayisikili emgwaqeni womphakathi, kumele uqonde imithetho yomgwaqo eyisisekelo futhi ube nekhono lokugibela ibhayisikili ngokuphephile ohideni lwezimoto.
Uthobele zonke izimpawu zomgwaqo kanye nezimpawu zezimoto.
Umele abahamba ngezinyawo.
Ushiye ibanga eliphephile lapho ulandela ezinye izimoto ukwenzela umshayeli ophambi kwakho uma kungahle kwenzeke eme ngokushesha.
Ungaqhubi ibhayisikili ngokungakhathaleli nangobudedengu.
Ubheke izimoto; ubhekane emehlweni nabashayeli ukuqinisekisa ukuthi bayakubona.
Qaphela izinja ezingahle zikugijimise. Lokhu kuyingozi ngoba izinja zingahle zigxumele endleleni ohamba kuyona bese kudaleka ingozi.
Qaphela izindawo ezishelelayo uma imvula ina noma kade ina.
Qgoka isigqoko esakhelwe ukuvikela ukulimala ikhanda uma kuba nengozi.
Balekela ukubheka izibani ezinkulu zangaphambili zemoto, ngoba lokhu kuzokwenza ukuba ukubona kwakho ebusuku kuphazamiseke okwesikhashana.
Angegibele aphambane nezimoto. Umthetho ulindele ukuba abagibeli bamabhayisikili bahambisane nezimoto.
Akangahambi agcwale nxazonke zomgwaqo.
Angegibeze abagibeli ngaphandle nje uma ibhayisikili lifakelwe esinye isihlalo somgibeli.
Angengene emqhudelwaneni wamabhayisikili emgwaqeni womphakathi ongazange ugunyaziswe nguhulumeni noma abasemagunyeni.
Angegqoke izintambo zomsakazo ezivale izindlebe zombili ngenkathi egibele ibhayisikili emgwaqeni womphakathi.
Okubalulekile: Yize izingozi eziningi zezimoto/amabhayisikili zibangwa izimoto, kunye okucacile: Umgibeli webhayisikili nguyena olahlekelwayo kunoma ngabe nguyiphi ingozi. Kanti futhi, khumbula: izimoto zinezibuko ezenza ukuba umshayeli akwazi ukubona ngisho nalapho ayengeke abone khona; Indawo enkulu enjalo emotweni yisekhoneni lemoto elisemuva ngakwesokudla. Zama-ke ukuba ungahambi kuleyonxenye yemoto ngebhayisikili.
